Ukuphathwa kweNgosi Ye-Inthanethi

I-PA Sport ihlinzeka ngokuphathwa kwengosi ye-inthanethi nesevisi ngokuphelele, okwenzelwe ukuqinisekisa ukuthi ingosi yakho ye-inthanethi iyindawo yokuvakashelwa noma ikanjani ngabalandeli bezemidlalo eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.

Ithimba lethu lochwepheshe, lihambisana nezintatheli zethu ezisezingeni eliphezulu nabaqoqi bemininingwane bangakuphathela noma yini engosini yakho ye-inthanethi (website). Singakhetha sibuye silungise izindaba, sifake sibuye siveze imininingwane futhi sihlanganise konke lokhu nezithombe eziphambili zemidlalo. Konke kubhekwe ngokuphelele, futhi konke ngemibala yakho nangokuhambisana nawe.