PA Sport South Africa
Ungqá Phambili E-Afrika Kwezokwaziswa Ngezemidlalo

I-PA Sport South Africa (SA) yenza kube lula ukuthola ukwaziswa ngokwenzeka embulungeni yonke futhi igxile ngentshiseko emidlalweni yakuleli lakithi.Lokhu kwenza sikwazi ukumaketha ezemidlalo kwelaseNingizimu Afrika, futhi sikwenze lokhu kuhambisane nababukeli bethu bekhethelo. Njengoba isizinda sethu siseGoli, siyakwazi ukuletha ukwaziswa okutholakale kunoma isiphi isikhungo sethu sokukhiqiza emhlabeni jikelele, futhi siphakele imbulunga yonke ukwaziswa kwezemidlalo kwaseNingizimu Afrika. Siyayiqonda iNingizimu Afrika, futhi siyaziqonda ezemidlalo zaseNingizimu Afrika. Kungakhathaliseki ukuthi intshiseko noma ugqozi lwe-South African Premier Soccer League (PSL), ukujula kombhoxo we-Tri-Nations noma ukumangalisa nemibala yeNdebe Yebhola Likanobhutshuzwayo Yamazwe Ase-Afrika (African Nations Cup) i- PA Sport SA ihamba phambili ekuthatheni ezemidlalo zaseNingizimu Afrika izibeke kwimakethe yomhlaba.

Isimo sethu esiyingqayizivele sisho ukuthi amakomidi aphethe naphambili ezemidlalo eNingizimu Afrika iyonke ayayethemba i- PA Sport ukuba ibe ngumhlinzeki wawo osemthethweni wokwaziswa.

Sisebenzisene kakhulu ne-PSL ukusiza ukuthuthukisa ukusakazwa kwe-league yayo enamanda nentshiseko, futhi siyaziqhenya ngokusakaza i- ABSA Premiership, i-National First Division, i-ABSA Cup, i-Telkom Charity Cup ne-Telkom Knockout ngemininingwane edl’ ubhedu kwwezezimakethe ngokwemakethe. Sihlale sisenkundleni kulowo nalowo mdlalo, siqopha konke ukuphonswa kwebhola, amaphutha emdlalweni, ukukhahlela namagoli njengoba kwenzeka.

Besilokhu siphambili ekuthuthukiseni imakethe yaseNingizimu Afrika sabuye futhi saba izinqalabutho zesevisi ye-PSL Mobile, esiza abalandeli bezemidlalo kulo lonke izwe ukuthola imilayezo ebhaliwe ngamagoli kungakapheli sikhathi ibhola lingenile enethini.